Ngeke kubhidlizwe zindlu eKZN- Gigaba

2012-12-06 16:40

Durban - Akukho zindlu ezizobhidlizwa eThekwini njengoba kuzokwakhiwa ichweba, kusho uNgqongqoshe wezamaBhizinisi oMphakathi uMalusi Gigaba, ngoLwesine.

UGigaba uthe imiphakathi eyakhelene nendawo ekuzokwakhiwa kuyo, ibinokwesabela ukuthi kungase kubhidlizwe amakhaya ayo.

"Sizoxhumana kahle nemiphakathi, sinamathemba okuthi bazimisele ukuzwa ukuthi sizothini,” kusho ungqongqoshe.

UNgqongqoshe ubekhuluma nabezindaba eThekwini, ngemuva kokuthi abakwa-Airports Company SA, bedlulisele le ndawo eyabe iyisikhumulo samabhanoyi, beyidlulisela kwabakwaTransnet.

UGigaba uthe useke wahlangana nabanye abahlali abanokukhathazeka njengoba kuzokwakhiwa ichweba.

Umsebenzi lona kuthiwa uzodla isamba esingu-R75 billion, kanti uzothola uxhaso lwamabhizinisi azimele, alinganiselwa ku-64 000 amathuba omsebenzi ekulindeleke adaleke, abangu-28 000 kuthiwa bazoqashwa ngokugcwele.
 






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubanjwe inkunzi 3 wezitolo ePaarl Mall

Emizuzwini eyi-40 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 13-22°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...