Ngeke ikhulunywe ekaMdluli - Chabane
2012-05-04 14:48
Cape Town - IKhabhinethi akumele
kulindeleke ukuba lidingide udaba loyinhloko yezamaphoyisa ezobunhloli uLiutenant
General Richard Mdluli, kusho uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uCollins
Chabane ngoLwesihlanu.
"Ngeke kwaba yinto eyehla
kahle ukuthi iKhabhinethi lidingide konke okubikwa emphakathini,” ubetshela
izintatheli emhlanganweni weKhabhinethi obanjalo emasontweni amabili.
Inkulumo yakhe ubeyethula
esePitoli ibibukelwa nge-video eKapa.
"Esikumemezela lapha
isinqumo seKhabhinethi, hhayi okudingidwayo,” kusho uChabane.
UMdluli wake waba sobishini
lokukhwabanisa nenkohlakalo, ephenywa nangokubulala.
UChabane uthe: "Akukhona
okweKhabhinethi ukudingda amacala abantu abaqashwe nguhulumeni."
Amacala ayebekwe wona uMdluli
amayelana nokubulawa kowayethandana nentombi yakhe u-Oupa Ramogibe ngo-1999, asanda
kuhoxiswa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA