Ngaqamba amanga - Ubaba owathi uthunjiwe
2012-12-14 12:06
Durban - Indoda yomndeni yaseNew Germany uLeon van Rensburg usegcine evumile ukuthi wasenga ezimithiyo ngesikhathi ethi udunwe imoto wase ethunjwa, wathi uyazisola, kubika iThe Mercury.
UVan Rensburg, 52, owavumile amacala okuqamba amanga nokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho, eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
Ekuvumeni kwakhe icala, nokufundwe ngummeli wakhe uJohn
Batchelor, uVan Rensburg uvumile ukuvula icala elingekho ngo-Okthoba.
Abomndeni baphithana amakhanda ngesikhathi ethi uthunjiwe.
Watholakala eHowick ezinsukwini ezimbili kwenzeke isigameko.
Kwase kuvela ukuthi uVan Rensburg akazange athunjwe kepha waya kohlala endaweni yezivakashi e-Underberg.
Udokotela wengqondo uBeatrix Coetzee, nowethule ubufakazi, uthi ukholelwa ekutheni uVan Rensburg lokhu akwenzile akazange akuhlele kepha wayengaphansi kwengcindezi ethile, wathi akumele aboshwe.
Kulindeleke agwetshwe ngoJanuwari.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24