Ngangizama ukugwema inhlekelele - Ramaphosa

2013-01-09 13:02

 Johannesburg - IPhini likaMengameli we-African National Congress elisanda kuqokwa, uCyril Ramaphosa, uthi ngesikhathi ethi akuthathwe izinyathelo ngesikhathi kuteleke abavukuzi, wabe ezama ukugwema umonakalo omkhulu owawungase wenzeke.

URamaphosa usho kanjena ekhuluma nabezindaba ze-CNN.

Lesi sikhulu sathumela umlayezo nge-email, osukwini olwandulela ukudutshulwa kwabavukizi abangu-34, basemayini iLonmin, eMarikana.

Emlayezweni uRamaphosa wathi kumele kuthathwe izinyathelo.

Izinkulungwane zabavukuzi zabeka phansi amathuluzi zangena esitelekeni ngenyanga ka-Agasti, zikhalazela imiholo.

Ngaphambi kweKhomishana iMarikana Commission of Inquiry, uRamaphosa waphekwa ngebhodo elincane kuthiwa akachaze “ngezinyathelo” abe ethi kumele zithathwe.

“Ngaphambi kwenhlekelele yokubulawa kwabantu abangu-34, kukhona abanye abangu-10 ababevele sebebulewe. Ngangikhuluma nezikhulu ngithi azisukume kungaze konakale kakhulu,” kuchaza uRamaphosa.




 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Senyukile isibalo samabhasi ashisiwe

Emizuzwini eyi-2 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...