Ngangingaqondile ukubulala - Isosha

2013-01-29 12:01

Cape Town - Owokudabuka e-Uganda nowangena ebusosheni eseyingane, utshele inkantolo yeNkulu eKapa wathi wayengaqonile ukubulala usozigidi uPreben Povlsen, ambulala ngo-2008.

Iphephandaba iCape Times libike lathi uFrancis Kimeze, 38, uvele ngaphambi kwenkantolo enabanye ababili, mayelana nokubulawa kukaPovlsen, owabulawa esemzini wakhe eGordon's Bay, ngoJanuwari.

UPovlesn watholakala egwazwe amanxeba angu-51, futhi eshisiwe.

UKimeze uthule ubufakazi wathi uPovlsen wambamba ebhema nabangane bakhe egalaji lakwakhe, uthi kwabe sekuqala ingxabano wase emgwaza.

"Angazi kwenzeka kanjani, ngangisaba. Angazi nokuthi ngingachaza ngithini."

"Kwaba yiphutha lami, ngafundiswa ukuthi ngingalwi nabantu."

UKimeze utshele inkantolo ukuthi wagcina ukubulala umuntu ngo-1994, ngesikhathi eyingxenye yeRwandese Patriotic Front, eyabe imthumbile ukuthi abe yisosha, kusukela esayingane.

Icala liyaqhubeka.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-10°C Sunny. Cool.
Dbn: 10-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...