Ngakhelwa itulo - Uthisha osolwa ngokudlwengula
2012-11-23 10:01
Durban - Izingane ezafaka isimangalo sokuhlukunyezwa ngokocansi zifakela uthishanhloko wasogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal ngenyanga edlule bezisetshenziswa othisha bazo nabazali ngetulo lokungcolisa igama lakhe, kutshelwe iNkantolo yeMantshi yaseScottburgh ngoLwesine, kubika iThe Mercury.
Leli tulo laqala ngo-2005.
Lokhu kushiwo ngummeli kathishanhloko, uSithembiso Mbhele, enkantolo ngoLwesine. Kodwa lokhu akwanelanga ukugculisa inkantolo ukuba imnike ibheyili.
Umshushisi obephikisana nebheyili uKalpana Makhanjee uthe ukholelwa ukuthi uthishanhloko uzophazamisa ofakazi.
UGiel van Aarde, oyiMantshi, uthe akafuni ukubona isimo lapho umphakathi uzithathela khona umthetho ngezandla.
Uthishanhloko, 44, ubegcwele izinyembezi emehlweni ngesikhathi eyongena esitokisini.
UVan Aarde utshele inkantolo ukuthi akafuni kuze kufike lapho umphakathi uzibambela umthetho ngezandla.
“Kuzoba nzima uma kungase kufike ekutheni abazali basabe ukuhambisa izingane zabo esikoleni ngenxa yokusaba ubulwane bothisha," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24