Ngajabha u-Oscar enikwa ibheyili - Xingwana

2013-02-26 16:00

Johannesburg - UReeva Steenkamp owabulawa ngeValentine's Day ngabe namanje uyaphila ukube umsolwa u-Oscar Pistorius wayengenaso isibhamu, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezabesiFazane, iziNgane nabaphila nokuKhubazeka uLulu Xingwana.

"Ukube kwakungekho sibhamu emzini kaPistorius, uReeva Steenkamp ngabe uyaphila," kusho uXingwana ekhuluma nabezindaba ePitoli.

"Ngajabha u-Oscar ethola ibheyili, kodwa-ke ngiyasihlonipha isinqumo senkantolo."

"Udlame lwasemndenini lukhuliswa nawukwanda kwezibhamu. Sizama ukuqinisa imithetho yokukhishwa kwezimvume zezibhamu," kusho ungqongqoshe.

"Siyisizwe kumele siqhube imikhankaso yokuqinisekisa ukuthi izibhamu azitholakali kalula emakhaya kanye nasemigwaqeni."

UXingwana uthi makhulu kakhulu amathuba okuthi abesifazane babulawe emakhaya anezibhamu.

Ungqongqoshe ubuzwe ngokuthenwa kwabadlwenguli wathi: "SinoMthethosisekelo kanjalo nomqulu wamalungelo. Kumele umuntu avume uma kukhona ubuthi obuzofakwa emzimbeni wakhe, uma engavumanga umfaka ngenkani, lokho kungukwephula umthetho."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-13°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-21°C Showers early. More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...