Ngaboleka uZuma eyokulungisa eNkandla – Reddy

2012-11-19 10:02
Yabelani Shicilela

Durban - Usomabhizinisi owaziwayo waseThekwini uVivian Reddy owake wanikelela uMengameli uJacob ZUma ngemali yokulungisa umuzi wakhe, usephumele obala wavikela uZuma, okhulume ePhalamende wathi waboleka imali yokulungisa umuzi wakhe oseNkandla nosuphenduke undabamlonyeni.

UReddy ugxeke ukusingathwa kodaba lomuzi kaZuma wathi luyindlela nje yokulwa izimpi zombusazwe.

“Ngisondelene kakhulu neNkandla, ngaboleka umengameli imali yokwakha umuzi wakhe, ngesikhathi kulungiswa ingxenye yokuqala. Usephinde waboleka enye futhi imali," kusho uReddy etshela iphephandana iMercury.

Iphephandaba iCity Press libike ngeSonto lathi abukho ubufakazi obukhona obuveza ukuthi uZuma waboleka imali yokulungisa umuzi wakhe.

Iphephandaba lithi isakhiwo saseNkandla, sisemhlabeni ophethwe ngabeNgonyama Trust,  nabo abangazi lutho ngokubolekwa kwemali lena.

Umkhulumeli kaZuma uMac Maharaj, akaphumelanga obala ngesikhathi ebuzwa ngalolu daba.

UReddy ugxeke iCity Press wathi: “ ICity Press iyaphambuka futhi igxambukela ezindabeni zikamengameli."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 17-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...