Muningi umsebenzi obheke amaphoyisa - Phiyega

2012-11-16 14:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Amaphoyisa aseNingizimu Afrika abhekene nomsebenzi omningi kakhulu ohlanganisa ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu, kusho uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega.

"Izwe libhekene nengqinamba emkhakheni wamaphoyisa," kusho ukhomishana ekhuluma emhlanganweni weSA Police Union (Sapu), obanjelwe ePitoli.

"Mukhulu umsebenzi obhekene namaphoyisa. Inhloso yethu enkulu ukuqinisekisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika baphephile njengoba kuqhubeka izehlakalo zezingozi yonke indawo."

UPhiyega uthe amaphoyisa abhekene nenkinga yokwanda kwezehlakalo zobuxhwanguxhwangu eziqhubeka ezweni lonke nathi zidalwa ukungahanjiswa ngendlela kwezidingo zabantu.

"Uma abantu beqala beba nodlame, abantu ekukulindeleke ukuthi bangenelele babuyise isimo kwesejwayelekile kuba yithi," kusho uPhiyega.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C High level clouds. Warm. Pta: 12-22°C More sun than clouds. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...