Makuthuthukiswe imfundo ephakeme - Nzimande
2012-12-18 14:31
Bloemfontein - Kumele linyuke inani labantu abasha abathola ithuba lokuqhuba izifundo zabo ngemuva kokuqeda u-matric, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande ngoLwesibili.
"Kumele sithuthukise umkhakha wamakolishi. Akuyona yonke intsha efuna ukufunda noma engathola ithuba lokuya enyuvesi," esho ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela ye-African National Congress e-University of the Free State eMangaung.
Kudingidwe imigomo ephathelene nezemfundo, phakathi kwezinye izinto, kule ngqungquthela.
UNzimande uthe kusazodingidwa kabanzi ngalolu daba ngokuhamba kwesikhathi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA