Makususwe okujivaza umbutho - YCL
2012-05-29 14:11
Johannesburg - Uma iGoodman Gallery ingayisusi yonke imidwebo ehlambalaza i-ANC namadlelandawonye ayo, izovalwa, kusho iYoung Communists' League embhikishweni eGoli ngoLwesibili.
"Le nhlangano ihlezi iqhakambisa ukuzwakalisa imizwa ngokukhululeka, kodwa akumele kubukelwe phansi abantu abanohlonze," kusho uNobhala Jikelele wale nhlangano uButi Manamela etshela isixuku ebesimashele kule ndawo yemibukiso eRosebank.
Utshele ababhikishi ukuthi umbutho "umelene nalo mdwebo".
Lo mdwebo ekukhalwa ngawo uveza uZuma, ubuntu bakhe bulenga ngaphandle.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA