Makuqedwe ukubulawa kwamaphoyisa - Popcru

2012-04-25 08:16

Johannesburg - Inyunyana iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) isiphumele obala yathi makuqedwe nya ngokusocongwa kwamaphoyisa nokubukeka sekuyinsakavukela kuleli.

"Sikholelwa ukuthi amaphoyisa, ojele nawomgwaqo kumele aqhube umsebenzi wawo ngaphandle kokusaba nokusatshiswa yizigelekeqe ezigcaluza emigwaqeni yethu," kusho isekela likaNobhala Jikelele uLebogang Phepheng.

UPhepeng ukusho lokhu kulandela ukubulawa kwamaphoyisa amabili omgwaqo eGoli.

Uthe bayawuhlaba impela lo mkhuba wokubulawa kwamaphoyisa eHillbrow, eGoli lisemsebenzini, nokusolakala ukuthi kwenziwe ngumshayeli wetekisi.

Iphoyisa lesibili libulawe ngoLwesibili ePimville, eSoweto lisendleleni eya emsebenzini.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 19-29°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-24°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 18-32°C Showers late. High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Morning clouds. Warm. PE: 15-30°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...