Makuphenywe ngabashona beyofesa

2013-01-15 14:07

Durban - Iqembu iNkatha Freedom Party ithi kumele kube nekhomishana ezimele yophenyo mayelana nokushona kwabantu abayisishiyagalombili ngesikhathi begijima behlolelwa umsebenzi.

"Yikhomishana ezimele kuphela, eholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi elingenza ubulungiswa ngalolu phenyo," kusho oyiLungu lePhalamende ku-IFP uBlessed Gwala ngoLwesibili.

Uthi lolu daba lugxotshwe ngezinyawo ngokuthi kuthiwe kuzoba nophenyo lwangaphakathi.

Bangaphezu kuka-34 000 abantu ababhalisela izikhala ezingu-90 zamaphoyisa omgwaqo.

Bathi besagijinyiswa, kwashona abayisishiyagalombili kwathi abanye baquleka ngenxa yokushisa.

UGwala ugxeke uNgqongqoshe wezokuThutha uWillies Mchunu ngokungabathatheli izinyathelo labo abathintekayo.

Okhulumela uNdunankulu waKwaZulu-Natal uZweli Mkhize, uNdabezinhle Sibiya, uthe uMkhize wajuba ithimba ekumele liphenye ngalolu daba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 13-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...