Makunakekelwe asebegugile - Modise

2013-01-22 14:07

Johannesburg - Ukubulawa kowesifazane osekhulile eMahikeng kugxekwe kakhulu nguNdunankulu waseNorth West uThandi Modise ngoLwesibili.

"Umphakathi kumele usukume ubhukule uma usuzithola usenkingeni, njengokuthi izalukazi zihlalele ovalweni lokudlwengulwa yizingane ezingaba ngabazukulu bazo," esho esitatimendeni.

Lona wesifazane, 98, uklinywe wabulawa ekhaya lakhe eliseTloung ngempelasonto.

Akucaci noma uqale wadlwengulwa yini ngaphambi kokuthi abulawe.

UModise ube esecela izakhamuzi ukuthi zisebenzisane namaphoyisa ekubambeni ababulali.

Uthe abantu abahlasela labo abangasenawo amandla okuzilwela, ikakhulukazi izalukazi, kumele basuswe enomphela emphakathini.

Owamaphoyisa uColonel Emelda Setlhako uthe lesi salukazi sitholwe ngumzukulu waso obezosibheka ngaphambi kokuthi aye emngcwabeni.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...