Makulindwe uphenyo ngeNkandla - Umhlaziyi

2013-01-30 12:03
Yabelani Shicilela

Durban - Umhlaziyi wezepolitiki uthi amaqembu aphikisayo angase asebenzise udaba lokuqiniswa kwezokuphepha emzini kaMengameli uJacob Zuma eNkandla ukuheha abantu ngaphambi kokhetho lwangonyaka ozayo, kubika iNewswatch.

UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uveze ukuthi uhulumeni usebenzise u-R206 million ngesikhathi eqinisa ezokuphepha emzini kaZuma osenyakatho neKwaZulu-Natal.

Imali yomphakathi ikhokhele izidingo zomsebenzi, yakhokhela abeluleki yafaka namawindi angadubuleki.

Uphenyo luphinde lwaveza ukuthi kunezinsolo zokuthi kukhona okungahambanga ngendlela ngesikhathi kukhishwa ithenda yokwenza lo msebenzi.

Umhlaziyi wase-UKZN uZakhele Ndlovu uthi abantu baseNingizimu Afrika kuzomele balinde umbiko woMvikeli woMphakathi kanye nowomcwaningi mabhuku jikelele ngaphambi kokuba baziphumele nezinqumo zabo ngalolu daba.

"Uma lezi zikhungo seziwuphothulile umbiko, sesingaqala ke sikhulume ngokuthi uMbuso ulusingathe kanjani lolu daba.

"Khumbula ukuthi isahluko 9 soMthethosisekelo sithi isikhungo sizimele ngakho kulindeleke ukuba singachemi. Uma sezisenzile isinqumo ngalolu daba, sesingakhuluma ke,” usho kanje.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C Morning clouds. Mild. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...