Makugxekwe ubandlululo - Zuma

2012-09-07 11:32

Durban - UMengameli uJacob Zuma ugxeka abacindezeli nombuso wobandlululo ngokukhula kwesibalo semijondolo ngasemadolobheni kanye nokungalethwa kwezidingo eNingizimu Afrika, kubika iphephandaba iSowetan.

"Ubandlululo eNingizimu Afrika alubahlelelanga abantu ngobuningi babo,” usho kanje ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yesibili yeCivil Registration and Vital Statistics eThekwini ngoLwesine.

"Ngo-1994, kwakungathi siqala konke kabusha. Ngaleyo ndlela abantu bacabanga ukuthi ukulethwa kwezidingo eNingizimu Afrika akuhambi kahle. Ingqalasizinda yayihlelelwe abantu abayingcosana kanti yingakho nje sinemijondolo eminingi kangaka njengoba abantu betheleka emadolobheni ukuzothola imisebenzi," usho kanje.

UZuma the ngaphambi kuka-1994, bangaphansi kuka-600 000 abazalwayo ababebhalisiwe ezweni lonke, futhi u-64% walesi sibalo kwakungesababhalise ngemuva kwesikhathi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UMadonsela uthi wesabela impilo yakhe

Emizuzwini eyi-39 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...