Makugezwe nemigwaqo - Sanco

2012-12-28 14:34
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Isiphakamiso sikaMengameli Jacob Zuma sokuthi kube nomcimbi wokugeza izwe umele ukapakele nasemigwaqeni, kusho iSA National Civic Organisation (Sanco) ngoLwesihlanu.

"Ngokubona kwethu abantu base-Afrika sebelilahlile usiko lokubhekana nemimoya yabashona, njengoba iqhubeka nokubulala abantu emigwaqeni yethu," kusho okhulumela iSanco uDumisani Mthalane esitatimendeni.

NgoLwesihlanu, izindaba zeSABC zibike ukuthi uZuma uthe kumele kube khona umcimbi wokubuyisela isimilo nezimiso zezwe.

UZuma uthe lo msebenzi uzosiza kakhulu ekuletheni ukukhanya kulandela izigameko ezifana nesaseMarikana, ukudlwengulwa kwezalukazi kanjalo nokusocongwa kosopolitiki.

Uthe abantu abangagezwa baba namagqubu.

Ngokwalo mbiko, uZuma uthe uzocela u-Archbishop Emeritus Desmond Tutu ukuthi asize ekuholeni konke okuzobe kwenziwa.

UMthalane uthi uyaseseka isiphakamiso sikaZuma, wathi kumele zibuyele emasisweni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone indoda engozini yeloli

Emizuzwini eyi-17 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...