Makudedelwe ingalo yomthetho - ANC
2013-02-26 07:35
Klerksdorp - I-ANC eNorth West iphakamise ukuthi kumele kudedelwe ingalo yomthetho ukuba isebenze kulandela ukuboshwa kukangqongqoshe wesifundazwe uChina Dodovu ngecala lokubulala.
“Sikholelwa ekutheni kumele kunikezwe ezobulungiswa isikhathi ngaphandle kokuphazanyiswa," kusho uKenny Morolong esitatimendeni.
Uthe isigungu esiphezulu esifundazweni sikholelwa ekutheni umuntu umsulwa kuze kube utholwa yinkantolo enecala, kodwa futhi wathi kubalulekile ukwazi ukuthi akekho umuntu omkhulu kunomthetho.
UDodovu uboshwe ngesikhathi kunomhlangano wesigungu esiphezulu esifundazweni ngoMsombuluko.
UNobhala we-ANC esifundeni u-Obuti Chika, 33, wadutshulwa washona emzini wakhe eKlerksdorp ngoDisemba 14.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA