Makube yisifundo ukuboshwa kukaZulu - Mchunu
2012-05-14 07:50
Johannesburg - Isigwebo seminyaka emithathu sokubulala ngokungenhloso sikasomabhizinisi waseThekwini uSifiso Zulu, kumele sibe yisifundo kwabanye abashayeli, kusho uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uWillies Mchunu ngoSonto.
“Siyakwamukela ukuboshwa kukaZulu.
Lokhu kuyizinkomba zokuthi izinkantolo zethu azithi nsi kulabo abaphula imithetho yemigwaqo," kusho uMchunu esitatimendeni.
UZulu, 42, nowayeyinhloko yeDurban Chamber of Commerce, watholwa enecala ngo-2010.
NgoMgqibelo, uZulu uzinekele ejele eWestville ukuyoqala isigwebo sakhe.
Inkantolo yathola ukuthi uZulu, owayeshayela iBMW X5, weqa irobhothi libomvu washayisa iveni, ebulala abantu ababili abangabazalwane baseSouls Harbour Church walimaza abayisishiyagalombili ngoMashi 2008.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA