Makube nevangeli lokwenza - Mantashe
2013-02-13 14:02
Johannesburg - Imigomo ye-ANC kudingeke isebenze ngaphambi kokuba igxekwe, kusho uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe ngoLwesithathu.
"Sifuna ukwenza njengamaShayina, ngokuthi nathi sibe nomqondo wokuthi ukuthuthuka yikhona okuhamba phambili. Konke lokhu okuphakanyiswa yi-ANC kungabonakala ukuthi kuyasebenza uma kusetshenziswa,” usho kanje ekhuluma nezintatheli kanye nezifundiswa eSoweto.
"Singasho kuphela ukuthi akusebenzi uma sesikusebenzisile kwahluleka.”
UMantashe ubekhuluma ngesikhathi kudingidwa ngemigomo okwaphunywa nayo engqungqutheleni yeqembu eyayiseMangaung ngoDisemba.
Uthe ezinye zezinto ezadala inkulumompikiswano ukuthi intsha ingayithola kanjani imisebenzi.
"Lokhu kwenza kwafinyelelwa esinqumweni sokuthi kuzomele sisungule i-youth employment support and incentive scheme. Asikhulumi lapha ngemali yokuxhasa ekwakhiweni kwemisebenzi yentsha," usho kanje.
Uthe kungenzeka imali yoxhaso ibeyingxenye yohlelo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA