Makabekwe icala uJiba - DA

2013-02-06 12:02

Johannesburg - I-DA isicele ukuba lowo oyinhloko yezokushushisa uNomgcobo Jiba abekwe icala yinkantolo ngemuva kokwehluleka kwakhe ukukhipha amakhasethi amayelana nodaba lukaMengameli Jacob Zuma, kubike iThe Star ngoLwesithathu.

ULwesibili bekungusuku lomnqamulajuqu lokuba kuphendulwe i-DA ngemuva kwesicelo eyasenza ngoJanuwari 21.

I-National Prosecuting Authority nommeli kaMengameli Zuma bahlulekile ukuletha izimpendulo ngoLwesibili.

Emaphepheni ayo, i-DA iwachithile amazwi kammeli kaZuma uMichael Hulley athi isicelo esifakwe uZuma siyimfihlo, yathi uJiba kuzomele akuveze ukuthi akaphambene nomyalo wenkantolo ngokhluleka ukunikezela izinkulumo eziqoshiwe.

NgoMashi ngonyaka odlule, iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala yanika iNPA izinsuku ezingu-14 zokuba ikhiphe imiqulu, ngaleso sikhathi eyayikuMokotedi Mpshe, owayeyinhloko yezokushishisa.

Nokunguyena owanquma ukuhoxisa amacala eyethweswe uZuma ngo-2009, ngoba ethi icala lakhe linepolitiki phakathi. Wenza leso sinqumo ngoba ezwe izinkulumo eziqoshiwe (spy tapes).

Kunokuba baziveze lezo zinkulomo, ezasezibhalwe phansi, ngo-Ephreli ngonyaka odlule, i-NPA yavele yazinika uHulley.

Ngokusho kweThe Star, ikuchithile lokho okubekwe yi-NPA ukuthi imiqulu iqukethe izinto eziyimfihlo ezimayelana nemizebenzi kaMengameli uZuma.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...