Mabathenwe abadlwenguli - Modise

2013-02-19 12:02

Johannesburg - Umjovo wokuthena labo abenze icala lokudlwengula ungase ube yisexwayiso futhi unciphise izehlakalo zokudlwengula.

Abesilisa abatholwe benecala lokudlwengula abesifazane nezingane kumele bajeziswe  ngokuthi bajovwe ngomjovo ozobathena, kusho uNdunankulu waseNorth West, uThandi Modise.

UModise, naye owake wadlwengula esemncane, wethembisa ngokuhola lo mkhankaso wokuthi kuthenwe abenzi bokubi ngenxa yezigameko zokudlwengula  esezandile ezenzeka kuleli lizwe.”

Wenze lesi simemezelo emcimbini wokugcoba abakhethelwe kuProvincial Council on Aids (PCA) obubanjelwe eMafikeng ngoMsombuluko.

I-PCA ihlela iphinde iqaphe izinhlelo namasu asetshenziselwa ukulwisana nesandulela ngculazi nengculazi uqubo esifundazweni.

UModise uphinde wanxusa abesilisa ukuba balwisane nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

Umjovo wokuthena wakhelwe ukuthi abajovwe ngawo bangabe besaba nawo umdlandla wocansi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone umuntu engozini eKZN

2014-12-22 18:06
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-29°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 18-32°C Tstorms late. Morning clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...