Mabaqaphele abezitokfela - Amaphoyisa

2012-12-05 12:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Amaphoyisa asekhiphe isexwayiso emphakathini ngezitokfela ngoLwesithathu kulandela ukubulawa kwabantu ababili.

UWarrant Officer Kay Makhubela uthe amalungu esitokfela abehlangene emzini othile waseSoweto ukuzohlukanisa imali ngoLwesibili ngesikhathi kugasela abesilisa abahlanu bezophanga.

Isigebengu esisodwa sishaye umnikazi wendlu, oneminyaka engapha ko-40 ubudala, ekhanda ngefosholo washona.

Izigebengu zibe sezithatha yonke imali yesitokfela esinamalungu ayishumi.

Esinye isigameko sesitokfela senzeke phakathi kwamalungu amabili aso.

Laba besilisa babe nengxabano ngesikhathi kunomhlangano wesitokfela omunye wase egwaza elinye ilungu lashona.

Umsolwa uyaziwa ngamaphoyisa kodwa akakaboshwa.

"Siyacela kulabo abangamalungu ezitokfela: siyazi ukuthi lesi yisikhathi ekuhlukaniswa ngaso imali, celani ebhange banihlukanisele imali bese benifakela kuma-akhawunti enu,” kusho uMakhubela.

Ngale ndlela kuzovikeleka amalungu esifokfela ekutheni angabi nezingxabano kanye nokuphangwa kwemali.
 
Amaphoyisa asola ukuthi lobu bugebengu busuke buhlelwe ngamanye amalungu azo izifokfela.


 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...