Lwalushaqisa olwaseMarikana - Ubufakazi

2013-01-24 14:08

Rustenburg - Isikhulu senyunyana, phambi kwekhomishini kaFarlam ngoLwesine, sikhumbule ngokuthuka esaba nakho ngesikhathi sizwa izindaba zokuthi amaphoyisa adubule abulala abavukuzi abangu-34.

"Lezi zindaba ngazizwa emsakazweni. Ngethuka ngoma,” kusho uNobhala weNUM ngaphansi kwezokuphepha kwabasebenzi u-Erick Gcilitshana etshela ikhomishini eRustenburg.

Ube ngufakazi wokuqala obizwe yiNUM. Wayengumxazululi ophezulu ngesikhathi abasebenzi baseLonmin betelekile eMarikana ngo-Agasti. Kanti futhi uphinde abe ngumsebenzi wakhona eLonmin.

UGeoff Budlender, ongomunye wabahola ubufakazi, umbuze ukuthi wenza njani ngemuva kokuzwa lezi zindaba.

"Angisakhumbuli kahle. Ngiyakhumbula kodwa ukuthi ngafonela inkampani ukuba iqinisekise.”

Ube esebuzwa ukuthi kukhona yini isinyathelo asithatha ngemuva kokuba esesitholile isiqinisekiso, uphendule wathi: “akukho engakwenza.”

UGcilitshana uzophinde aphonswe imibuzo ngummeli weLonmin uSchalk Burger.

Ikhomishini iphenya ngokubulawa kwabantu abangu-44 ngesikhathi kunesiteleka emayini ngonyaka ofile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...