Luzothatha izinyanga uphenyo lwaseMarikana
2012-09-21 14:02
Pretoria – Uphenyo mayelana nesehlakalo sokudubula esenzeka emayini yaseLonmin, eMarikana, eNorth West, luzophothulwa zingakapheli izinyanga ezine, kusho uNgqongqoshe wezobuLungiswa, uJeff Radebe ngoLwesihlanu.
"UMengameli uJacob Zuma unike ikhomishana imibandela okuzoqhutshwa ngaphansi kwayo uphenyo, njengokuthi luphothulwe zingakapheli izinyanga ezine kusuka ngosuku ezoqala ngalo ukuphenya."
URadebe ubetshela izintatheli ePitoli.
Ngo-Agasti, uZuma wamemezela amalungu amathathu azoqhuba uphenyo ngodlame lwaseMarikana okwabulawa kulo abantu abangu-44.
Uphenyo luzohlanganisa ukuphenya ukuthi iLonmin yenza okufanele yini ngemuva kwezinsongo zodlame emagcekeni ayo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA