Luzoqhubeka ukhetho KwaMashu - IEC

2012-12-03 14:05

Durban - Ukhetho lokuchibiyela eThekwini kuwadi 39 ekhungethwe yizinkinga, luzoqhubeka nakuba kusanezehlakalo zodlame kule ndawo yaKwaMashu, kusho okhulumela abengamele ezokhetho esifundazweni uMawethu Mosery ngoMsombuluko.

Uthe i-Independent Electoral Commission (IEC) isiyibhekile yonke imibiko eyahlukene kule wadi, ehlanganisa ihostela labesilisa nemijondolo yakwa-A, khona KwaMashu.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi izinhlangano zikwazile yini ukukhankasela ukhetho lwangoLwesithathu ngokukhululeka, uthe "uyakugwema ukusho ukuthi ukhetho lukhululekile kulewadi.”

Azikho izigameko zodlame ezibikiwe kusukela ngesonto elidlule, ngesikhathi umholi weNFP uKaMagwaza Msibi eshaywa ngamatshe kwaphinde kwashiswa nemoto yentatheli, lokhu okusolwa kuwo amalungu e-IFP.

UNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal, uWillies Mchunu, ngoMsombuluko uthe uMnyango wakhe uthola imibiko njalo ngale ndawo.

Isikhala sekhansela savuleka ngemuva kokubulawa kwekhansela le-IFP uThemba Xulu ngo-Okthoba kulandela ukuthunjwa ngabalisa abahlanu abazenza amaphoyisa.

Isidumbu sakhe satholakala sinamahlandla okudutshulwa eNanda.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Obeboshiwe ubulale amaphoyisa amabili

Emizuzwini eyi-17 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 15-24°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild.
Dbn: 18-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...