Luzoqala maduze olukaDewani

2012-07-02 08:35

Cape Town - Luzoqala ngasekupheleni kwale nyanga e-United Kingdom uhlelo lokuthi uShrien Dewani abuyiselwe kuleli ukuba azobhekana namacala abekwa wona, kusho umbiko ngoMsombuluko.

Lowo ongumqondisi wezokushushiswa komphakathi eWestern Cape uRodney De Kock utshele iphephandaba iCape Times ukuthi laba abathintekayo bazama ukuthola usuku lapho lolu hlelo luzolalelwa khona.

UDewani waphika walala ngomhlane ukuthi wakha itulo lokuthi kubulawe unkosikazi wakhe, u-Anni, 28, nowadubuleka esigamekweni esenziwa sabukeka sengathi wayedunwa imoto.

Lokhu kwenzeka ngesikhathi besekhefini emuva komshado eKapa ngoNovemba 2010.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-9°C Sunny. Cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...