Luzokwenyuka uxhaso lwamakolishi

2013-02-12 16:25

Johannesburg - Izokwenyuswa imali uhulumeni azoxhasa ngayo abafundi abahlwempu abasemakolishi okufundela umsebenzi, kusho uMengameli uJacob Zuma, ngoLwesibili.

UZuma ukhulume nezitshudeni eTshwane South FET College, eMabopane, wathi uhulumeni uzokwenyusa uxhaso lube ngu- R2 billion.

"Ngonyaka ka-2012, amakolishi ayexhaswe ngo-R1.7 billion, njengoba kungu-2013, imali izokwenyuswa ibe ngu-R2 billion."

UZuma uthi amakolishi kumele abe yizikhungo abantu abathi uma beqeda isikole bafise ukungena kuzo, hhayi izikhungo abantu abakhalela kuzo uma bengathathwanga emanyuvesi.

"Silana ukuzosho ukuthi siphelile isikhathi sokuthi amakolishi abukelwe phansi uma eqhathaniswa namanyuvesi. Lokhu kumele kuphele.”

UNxamalala ubephelezelwa nguNdunankulu waseGauteng uNomvula Mokonyane, uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande, uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uMalusi Gigaba kanye noNgqongqoshe wezabaSebenzi uMildred Oliphant




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Tstorms early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Tstorms early. More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Widely scattered tstorms. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 17-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...