Luzofakwa endalini unyanyavu lukaSenzo Meyiwa

2015-01-08 12:31

Durban – Unyanyavu lwemoto yohlobo lweBMW X 6 likaSenzo Meyiwa lidliwe yinkampani i-Aucor Property eThekwini kulandela ukungakhokhelwa izinyanga ezimbili.

Ngokubika kweDaily Sun le moto idliwe ngmuva kokuthi umnikazi wayo ehlulekile ukulandela isivumelwane sokukhokhelwa kwale moto kanti izofakwa endalini.

OLUNYE UDABA: Lihamba phambili elikaSenzo Meyiwa kuGoogle

“Ngeke sisho ukuthi izofakwa nini endalini ngoba kumele sithole imvume yebhange,” kusho isisebenzi sakawa-Aucor. 

Indaba yezinye izimoto zikaMeyiwa okuyiBMW 1 Series neVW Golf GTI ayikaziwa njengoba kunamahebezi athi i-BMW kungenzeka nayo idliwe kungekudala.

Umndeni kaMeyiwa wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...