Luyaqhubeka uphenyo ngolwaseNanda
2012-03-27 07:30
Durban - Uphiko oluphenya ngamacala athinta amaphoyisa i-Independent Complaints Directorate (ICD) luzophenya izigameko ezimbili zokudubula ezishiye abantu abayisishiyagalombili beshonile eNanda, KwaZulu-Natal.
“Amadokodo wonke asesezandleni ze-ICD KwaZulu-Natal,” kusho okhulumela le nhlangano uMoses
Dlamini ngoMsombuluko.
“Ukuhlolwa kwezidumbu kuzokwenziwa ngoLwesithathu nangoLwesine kubona bonke abashone kulezi zigameko. Uphenyo luyaqhubeka," kusho uDlamini.
Esigamakweni sokuqala amaphoyisa adubule abulala abantu abayisikhombisa ngoLwesihlanu eMaoti, eNanda.
Isigameko sesibili senzeka ngoMgqibelo emini, ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo ngowesilisa onesibhamu esingekho emthethweni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA