Luyaqhubeka uphenyo ngeMarikana

2012-11-15 14:03

Rustenburg - Kwatholakala amagobolondo ezinhlamvu ohlobo lwesibhamu i-shotgun angu-57 nawe-pistol angu-31 egqumeni eMarikana nalapho kwabulawa khona abantu abangu-16 ngo-Agasti, kusho iphoyisa ngoLwesine.

Lokhu bekungubufakazi bukaWarrant Officer Patric Thibelo Thamae eRustenburg, ngaphambi kwekhomishana kaFarlam ephenya ngokubulawa kwabavukuzi abangu-34 ngo-Agasti 16.

Badutshulwa babulawa ngesikhathi amaphoyisa ezama ukubahlakaza ngasemayini yaseLonmin eMarikana, North West.

Abanye babo batholakala sebeshonile eWonderkop, egqumeni elingakule mayini.

Le khomishana ilalele ukuthi la bavukuzi babephethe okungenani isibhamu esisodwa samaphoyisa.

UThamae uthi kwatholakala nezikhali zendabuko, okubalwa izagila nezizenze, nazihlela kahle wase ezithwebula.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Showery. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...