Luyaqhubeka enkantolo oluka-Oscar

2013-02-20 08:13

Cape Town - Umsubathi wakuleli osolwa ngokubulala, u-Oscar Pistorius, ubhekene nolunye usuku olunzima njengoba kuqhubeka isicelo sakhe sebheyili, kulandela ukubulawa kwentombi yakhe.

IMantshi uDesmond Nair ulihlehlisile leli cala ngoLwesibili ukunikeza amathimba asenkantolo isikhathi sokuphendula ngezincwadi ezifungelwe ezifundwe enkantolo, nokuthi abuze imibuzo.

UPistorius, nosolwa ngokubulala uReeva Steenkamp, nowatholakala eshonile emzini wakhe ePitoli ngoLwesine, uphinde walala ebaliwe kulandela usuku obelunomunyu enkantolo.

Isicelo sokuthi agcinwe esitokisini samaphoyisa eBrooklyn, sizophelelwa yisikhathi ngoLwesithathu.

UMbuso ubeke uPistorius icala lokubulala ehlelile, kodwa yena uyakuphika lokhu, uthi akufanele ngisho engabe ubekwe icala lokubulala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...