Lusengcupheni ubumbano lwe-ANC - Vavi
2012-12-18 14:31
Bloemfontein - Alukho
ubumbano eqenjini i-ANC, kusho uNobhala Jikelele womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu uZwelinzima Vavi
ngoLwesibili.
"Ngebhadi
alubonakali ubumbano. Ezinsukwini ezimbili ezedlule le nkomfa ayikhombisanga
ubumbano ngokubangwa kobuholi," kusho uVavi.
"Ukwahlukana
ngeke kwasisiza … kuyasikhathaza."
Unethemba
lokuthi ngeke bashiywe ngaphandle abangaphumelelanga. Ngoba ukushiywa kwabanye
ngaphandle kuzosho ukuthi kunabantu abazoshaywa ngesithende ekubeni
benamakhono.
"Lokho
kuzoba yinto embi kakhulu. Umqondo wokuthi onqobile ahambe nabakhe akulakhi
ubumbano."
"Kuzomele
kube nobumbano ku-ANC namadlelandawonye ayo. Kanti lokho kungenzeka kuphela uma
kudingidwa ngokuvuselelwa kweqembu futhi wonke amalungu ekuthatha njengento
ebalulekile lokho,” usho kanje.
UVavi
waphakanyiswa ngezinye izinhlaka ze-ANC ukuba angene ekomisini eliphezulu, kodwa
wanqaba.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA