Lusekude ukuphela olwaseNkandla
2012-12-18 08:44
Cape Town - IDemocratic Aalliance ithi uMengameli Jacob Zuma wavuma ukuthi ayilandelwanga imigomo yeNational Key Point Act ngesikhathi kwakhiwa umuzi wakhe oseNkandla.
Lowo ongumholi we-DA ePhalamende uLindiwe Mazibuko uthe uZuma uphinde waveza ukuthi akazange athole saziso esithi isiza sakhe siyahambisana neNational Key Point, njengokomgomo kaSection 3 weNational Key Point Act ka-1980, kubika i-Eyewitness News.
UZuma wabhalela uMazibuko incwadi kulandela imibuzo eyaqubuka ePhalamende ngalo muzi.
UMazibuko uthe ukungalandelwa kwemigudu efanele yomthetho kwakuvele kuyimizamo yokufihla ukuthi lo muzi uzolungiswa ngesamba semali engaphezu kuka-R200 million.
"Sizobe sesihloma imibuzo kuNgqongqoshe wezamaPhoyisa ngokuthi bazothatha ziphi izinyathelo ukuze uZuma abuyise le mali yabakhokhintela," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24