Luphindela enkantolo olwakwaShembe
2013-02-05 07:44
Durban - Lizoqhubeka ngoLwesibili ngemuva kokubambezeleka icala lokuthi ngubani okumele ahole ibandla iNazareth Baptist Church, nelidume ngokuthi ikwaShembe eNkantolo eNkulu eThekwini.
Kulindeleke ukuthi ongoti abafanisa into ebhalwe phansi bethule ubufakazi, kulandela ukuhluleka ukuletha imiqulu efanele enkantolo.
Leli bandla langena kule nkinga yombango wezikhundla kulandela ukukhothama kweNkosi uVimbeni Shembe ngo-2011.
Indodana yeNkosi uMduduzi kanye nomzala wayo uVela Shembe, bobabili bafuna ukungena esihlalweni sobukhosi.
Ngokusho
kwencwadi yefa, uVela nguye ekumele angene esikhaleni nokho abaholi
bebandla bathi kumele kungene uMduduzi, nekunguye indodana.
UVela nguye owahambisa udaba enkantolo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA