Luphelile unswinyo lwenyama yase-KZN

2011-04-19 16:50

Durban - UNgqongqoshe wezoLimo uTina Joemat-Pettersson usememezele ukuthi luphelile unswinyo lwemikhiqizo yenyama obelubhekiswe enyakatho neKwaZulu-Natal, wathi ubhedukane wamatele kuleya ndawo usulawulekile, kubika i-East Coast Radio.

Evula inkulumompikiswano ePhalamende ngohlahlo mali loMnyango wakhe, utshele amalungu ePhalamende ukuthi kugonywe izinkomo ezingu-64 000 kuleya ndawo.

"Singamemezela namhlanje ukuthi siyaluphakamisa unswinyo lwemikhiqizo yenyama kulezo zindawo ebezithintekile.'

Kodwa-ke, ukunyakaza kwalezi zilwane kuleya ndawo akukavunyelwa.

"Izilwane eziphilayo akumele ziphume kuleya ndawo."

UMnyango wezoLimo wamemezela ukubheduka kwesifo samatele enyakatho neKwaZulu-Natal ngoFebhuwari kulonyaka, kwase kuba nezimvimbamgwaqo ukuqapha ukuphuma nokungena kwalezi zilwane kulezo zindawo ezithintekayo.

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool. Pta: 9-14°C Showery. Morning clouds. Cool.
Jhb: 6-10°C Passing showers. Broken clouds. Cool. Bloem: 0-10°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Dbn: 14-19°C Showery. Partly sunny. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...