Lumisiwe uphenyo ngamaphoyisa aseKhayelitsha

2012-11-08 14:02

Johannesburg - Ikhomishana yophenyo obekumele iphenye ngokungasebenzi ngendlela egculisayo kwamaphoyisa eKhayelitsha, eKapa, isimisiwe, kusho yona le khomishana.

"Ungqongqoshe wamaphoyisa namanye amaphoyisa bafake amaphepha enkantolo okumisa lolu phenyo," kusho okhulumela lekhomishana u-Amanda Dissel.

"Ngenxa yalesi sicelo, ngeke sikwazi ukuqhubeka nohlelo lokuzwa izimvo zabantu."

UNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille wajuba leli thimba ngo-Agasti ukuba liphenye ngokusebenza kwamaphoyisa eKhayelitsha.

Le khomishana iholwa ijaji eselathatha umhlalaphansi uCatherine O'Regan no-advocate Vusi Pikoli.

UZille waqhakambisa ukuphela kokuthembana phakathi kwezakhamuzi eKhayelitsha namaphoyisa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...