Ludla lubi udlame kuleli - Inhlangano

2013-02-18 16:37

Johannesburg - Ukubulawa kukanobuhle uReeva Steenkamp kugqamisa ukuthi iNingizimu Afrika ilwa nesihlava sodlame esisuka kude, kusho inhlangano iGandhi Development Trust ngoMsombuluko.

"Leli siko lodlame likhona yonke indawo, akukhathaleki ibuphi ubuhlanga, inkolo nesiko," kusho le nhlangano esitatimendeni.

IGandhi Development Trust icele amadoda akuleli ukuba "adlale indima" ekulwisaneni nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile.

"Kukhathaza kakhulu ukuthi ukubulawa kukaSteenkamp kwenzeka nje izwe lisukume phansi lizama ukukhuza umkhuba wokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.

"Sithemba ukuthi amaphoyisa azolithola iqiniso ngokufa kukaSteenkamp, ubulungiswa buthathe indawo."

Umsubathi, u-Oscar Pistorius, 26, nosolwa ngokubulala intombi yakhe, 29, waboshwa ngemuva kokwenzeka kwalesi sigameko emzini wakhe osePitoli ngoLwesine ekuseni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 14-26°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Scattered showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-29°C Haze. Warm. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...