Lizovela isosha ngezinsolo zokubulala amanye

2013-02-26 12:02

Bloemfontein – Isosha, 24, lizovela eNkantolo yeMantshi yaseFouriesburg ngoLwesibili mayelana nokubulawa kwamasosha amabili emngceleni waleli neLesotho.

Laba babesuka enkambini yamasosha eseFouriesburg beya enkambini yesikhashana eKromdraai ngemoto yombutho ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko sokudubula ngoLwesihlanu, kusho okhulumela iSANDF uBrigadier General Xolani Mabanga.

UGunner ML Hlubi, 24, usolwa ngokudubula abulale uLieutenant Thabiso Ernest Seithati, 28, noGunner Zakhe Nkanyiso Khumalo, 26.

Kusolakala ukuthi wabe esemisa imoto, walahla izidumbu zabo emgwaqeni, wayishaya yazula.

UMabanga uthe uHlubi ubekwe amacala okubulala njengoba ebeseke wavela enkantolo ngoMsombuluko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...