Lizoqondiswa izigwegwe ikhansela ngelokushaya

2012-07-23 12:04

Johannesburg - Ikhansela le-African National Congress KwaZulu-Natal elavuma icala lokushaya umuntu owayeligxeka, lizovela ngaphambi kwekomidi lokuqondiswa izigwegwe, kubika iSowetan.

Ubuholi esifundazweni bunikeze igatsha eliseMlazi amagunya okushushisa ikhansela laku-Ward 88, uNomzamo Mkhize.

Igatsha leli lizihlangulile ekuziphatheni kwekhansela, imibiko ithi sekukaningi kungena izinkonondo ngokuziphatha kukaMkhize.

Kuthiwa uMkhize wathusa abantu ngesikhathi eshaya uThabile Ngcobo, owabe esemhlanganweni womphakathi, owabe uvumelana ngokuthi uMkhize akhishwe esikhundleni.

UMkhize wawushiya phakathi umhlangano, lokoh kwathukuthelisa abagqugquzeli bomhlangano, okuyinhlangano Abahlali BaseMjondolo, abakhala ngokuthi uMkhize ubabukea phansi ngokushiya kwakhe umhlangano ungakapheli.

Ekuqaleni ikhansela labe liliphika icala.


 "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 8-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...