Lizoqhubeka elikaMpisane

2012-11-02 12:40

Durban - INkantolo yesiFunda yaseThekwini isihoxisile isicelo soMbuso sokuthi kuhlehliswe icala likasomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mpisane.

"Ngeke ngikwazi ukunikeza imvume yokuthi ngixhumanise amacala abhekene noMpisane ePinetown, ngemuva kokuthola ukuthi leli cala libanjezelwe ngokungafanele," kusho iMantshi uBlessing Msane ngoLwesihlanu.

"Lolu daba luzoqhubeka ngoMsombuluko."

Icala lenkahlakalo likaMpisane bekumele liqale ngoMsombuluko odlule, kodwa uMbuso ubufake isicelo sokuthi amacala abhekene nawo eNkantolo yeMantshi yasePinetown ayiswe eNkantolo yesiFunda eThekwini, ukuze ezolalelwa kanye kanye.

Umshushisi woMbuso uMeera Naidu uthe la macala abandakanya ofakazi nobufakazi obufanayo.

Ummeli kaMpisane uJimmy Howse utshele inkantolo ukuthi lokhu akunasidingo kanti futhi kuzobambezela icala.

UNkk Mpisane ubhekene namacala angu-173 okukhwabanisa, namanye omkhonyovu wemali engaphezu kuka-R5 million wentela.

Usolwa nangokwephula umthetho i-Close Corporations Act ngokuba nguyena yedwa ilungu lenkampani iZikhulise Cleaning, Maintenance and Transport CC.

Uyawaphika wonke amacala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...