Lizobafica ejele elomshado
2012-11-02 14:46
Durban - Kubhuntshe umshado obuzokuba ngoMgqibelo ngesikhathi
kuboshwa abebezoshada ngoba besenge ezimithiyo emndenini wabo bathi
bathunjiwe kanti bayazitamasela emjondolo ePuntus Hill eThekwini, kubika iSolezwe.
Lezi zithandani, uNksz Thokozile
Nxumalo, 40, ongunobhala webandla iHoly Sabath Mighty Christian eMlazi
noMnuz Bongani Nene, 46, baboshwe ngamaphoyisa ngoLwesithathu ebusuku
bezipholele emuva kokuthi sekuphele amasonto amabili bengaziwa ukuthi
bakuphi.
UNksz Ntombi Nxumalo ongudadewabo
kamakoti othe sebesele bobalili ekhaya ubekhala izinyembezi ngenxa yale
nsumansumane eyenziwe ngudadewabo nosibali wakhe.
“Sengihlupheke kangaka ngehla
ngenyuka ngizitshela ukuthi bafile, ngibuhlungu kakhulu ngoba angazi le
nto bebeyenzelani,” kusho uNksz Nxumalo.
Uthe udadewabo ufone ngomhla ka-20
ngenyanga eyedlule ethi akathumele ingane izolanda ingane yakhe
enezinyanga ezine ngoba udinga ozomgadela yona.
Uthe bese bekhokhile idiphozithi ka-R800 ehholo
eKhanana kwa-C eMlazi lapho bekuzoba khona inkonzo enkulu ebizohanjelwa
ngamabandla ehlukene emuva kokuthi laba sebebophe ifindo.
Umshado ubuzoqala eSt Aidan lapho bekuzoboshwa khona ifindo, kudliwele khona, wathi akazi ukuthi amanga awani uma imali ingekho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24