Liyashoda igazi - SANBS
2012-11-28 16:21
Durban - Ukushoda kwegazi ezibhedlela sekuphoqe izikhungo zokwelapha ukuthi zihlehlise ukuhlinzwa kwabantu KwaZulu-Natal, kubika iNewswatch.
Okhululmela abakwaSA Blood Service uGail Nothard uthe ukuvalwa kwezikole kanye nezimvula ezithe ukuhlasea, kube nomthelela ekwehleni kwebalo zabanikela ngegazi.
UNothard uthe igazi elikhona lanele usuku olulodwa nesigamu, lokhu kuthiwa sekufake ingcindezi ezibhedlela.
"Siyazi ukuthi kukhona iziguli ezibuyiselwa emuva ngenxa yokushoda kwegazi, ezinye zifakelwa igazi elinganele. Konke lokhu kungenxa yokushoda kwalo igazi, kuyaphazamisa njengoba kwenza iziguli zingelapheki ngesikhathi," echaza.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24