Liyaqhubeka elokuhlaselwa kwabe-ANC

2013-02-05 08:17

Durban - INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ilalele ukuthi kwahlaselwa inhlabaluhide yezimoto zabalandeli be-ANC ngesikhathi ihamba esizindeni se-IFP Swayimane ngaphandle kwaseMgungundlovu.

Abalandeli babebhiyozela ukunqoba kwe-ANC ukhetho ngo-Ephreli 2009 ngesikhathi behlaselwa.

Kulezi zibhelu kwashona uZemisile Hlongwane kwathi abayisikhombisa balimala.

Omunye wabalimala, uGladys Gcumisa, ethula ubufakazi ecaleni lamalungu ayisihlanu omndeni owodwa eNkatha Freedom Party ukuthi ukube imoto ayehamba ngayo yaphelelwa uphethiloli "ngabe zaba ziningi ezinye izidumbu ezasala enkundleni".

Abasolwa abayisihlanu bakwaGumede — uZwelempi , 71, ikhansela le-IFP uFumakosi, 41, uMephatimeni, 29, uBusani, 21, noQapekini, 21, —  babhekene necala lokubulala uHlongwane nayiskhombisa okuzama ukubulala.

Bayawaphika amacala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...