Liyaqhubeka elokuganiswa kwengane, 13

2013-02-05 12:02

Johannesburg - Kungenzeka kuboshwe abanye abasolwa njengoba kuqhubeka uphenyo ngokushadiswa kwentombazane yaseLimpopo eneminyaka engu-13 ubudala nesangoma esineminyaka engu-57 ubudala, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili.

"Sesilululile uphenyo lwethu kanti luyaqhubeka… kukhona nabanye abantu okungase bathweswe icala,” kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Hangwani Mulaudzi.

Uthe le ntombazanyane isigcinwe ekhaya lezingane elisePolokwane.

Isangoma saboshwa ngoJanuwari 23 ngemuva kokuba osonhlalakahle bethole isikhalazo.

Kodwa, amacala esathweswa wona ahoxiswa ngokuhamba kwesikhathi, ngoba abazali bentombazane kwakuyibona abavuma ukuba ishadiswe.

Umama wentombazane kubikwa ukuba uthe isangoma selapha indodakazi yakhe ngesikhathi inesifo sokuwa iminyaka emibili.

Isangoma samtshela ukuthi amadlozi iwona agulisa indodakazi yakhe ngakho kudingeka iqashwe. Wabe esecela ukuyithatha, ayenze unkosikazi.

UMulaudzi uthe umama wengane angase athweswe amacala amabili, elobudedengu nelokuvumela ingane ukuba ilale nomuntu omdala kunayo.

"INational Prosecuting Authority iyona ezonquma ukuba umama uzothweswa icala noma cha,” kusho uMulaudzi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usekhulumile uPastor Zondo

2015-01-25 14:09
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-33°C Rain early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-30°C Light rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-32°C Morning clouds. Warm. PE: 19-24°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...