Liyaqhubeka elokudayisa ngomzimba eKZN

2013-01-25 12:01

Johannesburg - Liyaqhubeka icala elibhekene nabantu abayisihlanu abasolwa ngokushushumbisa abantu nokuba nendawo yokudayisa ngomzimba, eNkantolo yesiFunda eThekwini ngoLwesihlanu.

Udokotela, unkosikazi wakhe, namadoda amathathu babhekene namacala angu-156 okubalwa ukushaya, ukudlwengula, ukunukubezwa kwezingane ngokocansi nokukhwabanisa.

USandile Patrick Zweni, 36, Nonduzo Dlamini, 24, Bhabha Dubazini, 29, Dkt Genchen Ragnath, 58, nenkosikazi yakhe, 47, bangase bathole udilikajele uma belahlwa yila macala.

Basolwa ngokuba nendawo yokudayisa ngomzimba eThekwini, nalapho kwakugcinwa ngisho izingane ezineminyaka engaphansi kuka-13 ubudala.

UZweni, Dlamini, noDubazana baboshwa nomsolwa wesine ngoFebhuwari wangonyaka ofile.

Bawaphika amacala.

Ufakazi woMbuso utshele inkantolo ngoLwesine ukuthi wayengasiboni isidingo sokuhlaba umkhosi ngoba ngisho amaphoyisa kaMasipala weTheku naweSAPS ayevakashela kule ndawo, ngakho ayazi ngayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...