Liyangena elokufa kowaseMelika obulawe eGoli

2013-01-14 10:03

Johannesburg - Owesifazane wakuleli owabanjwa emi nommese ogcwele igazi, maduzane nesidumbu sesikhulu sikahulumeni waseMelika, uzovela ngaphambi kwenkantolo ngoMsombuluko.

Umufi obesebenza njengochwepheshe wezama-computer, kuhulumeni waseMelika, utholakale ebulewe endlini yakhe eseGoli ngempelasonto.

Ngaphambi kokuthi lona abulawe, wabonakala engena emzini wakhe oseSandton, ehamba nomsolwa, kubika abezindaba ze-Eyewitness News.

Onogada batshele amaphoyisa ukuthi bezwa ukukhala okuqhamuka endlini kamufi, kwathi uma begasela ngaphakathi babhadama lona wesifazane emi eduze kwesidumbu nommese ekukholakala ukuthi wasetshenziswa ukubulala.

Okhulumela inxusa laseMelika kuleli uJack Hillmeyer, uthe amaphoyisa ngaphansi kophiko lweSouth African Police Service, aphenya ngembangela yokubulala esebenzisana namaphoyisa ngaphansi kophiko lwe-US Security Services.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C a few showers. Broken clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...