Liyabhobhoza isoka lephoyisa elibulewe

2012-12-12 12:02

Pretoria - Isoka lephoyisa likaMasipala waseTswane elibulewe, kukholakala ukuthi selikhulume lavuma icala lokubulala isithandwa salo, nokusishisa.

Uthombo othembekile uthi uphenyo luthi uWilliam Ramotshela uvume icala lokubulala uConstable Mable Dimakatso Peete, 29.

Isidumbu sikaPeete besishe singabonakali, kubonakala isingezansi kuphela.

“Uvume icala lokumklinya ambulale, wase eshisa isidumbu sakhe, enza konke lokhu endaweni yaseGa-Matlala, eLimpopo.

Amaphoyisa abe eseya endaweni eshiwo ngumsolwa,” kusho umthombo ongaphakathi emaphoyiseni, eligodiwe igama lawo njengoba ungavumelekile ukukhuluma nabezindaba.

UPeete wagcina ukubonakala ephila, mhlaka-19 Novemba, ngesikhathi esuka kubo eSoshanguve.

Egcina ukubonakala wathi uya emzini wesoka, uyoshiya okhiye bese ethatha konke okungokwakhe.

Okhulumela i-ANC Women’s League, eGauteng, uJacqui Mofokeng, uthi leli cala lithi alifane nalelo lephoyisa elabulawa uConstable Frances Rasuge, owanyamalala ngo-Agasti 2004.

Yize ayengakatholakali uRasuge, kwagcina kugwetshwa isoka lakhe uWilliam Nkuna, owagwetswa udilikajele.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...