Livelile iphoyisa ngelokudlwengula

2013-02-22 07:48

Johannesburg - Iphoyisa, 31, livele eNkantolo yeMantshi yaseDealesville mayelana necala lokudlwengula owesifazane eBoshof, kusho i-Independent Police Investigative Directorate ngoLwesine.

Okhulumela lolu phiko uMoses Dlamini uthe lesi sigameko kusolakala ukuthi senzeka ngoFebhuwari 17, ngesikhathi owesifazane, 21, waseWarrenton, eNorthern Cape, nabangani bakhe bephuma endaweni yokucima ukoma.

“Kusolakala ukuthi umsolwa naye wayekule ndawo yokucima ukoma. Isisulu, nesasiyintombi yomsolwa ngaphambilini, sabe sesicela umsowa asigibelise emotweni nabangani bayobekwa emakhaya,” kusho uDlamini esitatimendeni.

UDlamini uthi umsolwa waqala ngokugodukisa abangani wase ejikela isisulu wasidlwengula ngaphandle kokusebenzisa ikhondomu.

“Umsolwa washaya isisulu wasisabisa nangakusibulala.”

Umsolwa wabaleka waya ePotchefstroom, wagcina ngokuzinikela emaphoyiseni aseBoshof.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...