Livelile iphoyisa ngelokubulala eKZN

2012-10-19 14:03
Yabelani Shicilela

Durban - Iphoyisa laseKwaZulu-Natal kulindeleke ukuba livele enkantolo kulandela ukudubulana okwenzeka eCato Manor, nokwashiya owesifazane eshonile, kubika iNewswatch.

I-Police Investigative Directorate, (IDP) ithi leli phoyisa lalihambela nabangani balo abathathu kuBarrow Road ngasekuqaleni kwenyanga, ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwabo nabanye abantu abathathu.

Kusolakala ukuthi iphoyisa elalingekho emsebenzini ngaleso sikhathi lavulela ngenhlamvu, kwalimala owesifazane oneminyaka engu-18 ubudala owayebukela.

Intombazane le yabe ikhulelwe, yashonela esibhedlela. 

Kwathi ingane enezinyanga ezinhlanu eyayiphethwe yintombazane yalimala kulesi sigameko.

Iphoyisa, obelilokhu ligqunywe esitokisini, libhekene namacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...